Iculo Le 63
1 Emzini kaDavide
Kwavulw’umthombo khona;
Kuhlanzwe ukungcolo,
Kuhlangulisw’ukona.
Kulowomthomb’omuhle
Sesimenyiwe sonke.
Akubandlululwa muntu,
Wabavulela bonke.
Umthombo waseGolgotha,
Umthombo waseGolgotha,
Ugobhozela wena nam’,
Umthombo waseGolgotha.
2 Noma usindw’umthwalo
Wesono namacala,
Sondela uzibike,
Wosuswa amabala,
‘Nhliziyo yoba-mhlophe,
Welashw’umzimba futhi,
Uze uvume nawe
Igama elokuthi:
3 Lomthombo wokuphlila
Ungabokhohlwa wona,
Uzikhelele njalo,
Uyakwahlul’ ukona.
Lamanzi woba kuwe
Umyhomb’ophuphumayo,
Uze utshen’abanye:
Uzakuphil ozayo.
4 Sophuza kulomthombo
Sikhona emhlabeni,
Noma simuka lapha
Sidlule ekufeni
Sobona lowomfula
Wempilo ezulwini,
Sombong’uJesu njalo
Osiyis’ebomini.