1. Nxa uJesu engihola,
Anginakho ukusola;
Ngob' amandla ngiwathola
kuMholeli wami-ke.
Refrain
Laph' engiholela khona,
Laph' engiholela khona,
Laph' engiholela khona,
Ngomlandela njalo, he.
2. Nom' indlel' inobumnyama,
Ngiyethemb' elakh' igama;
Um'sa wakhe uyavama,
Unganele wona, he.
Refrain
3. Noma ngingabon' indlela,
Yena wongilungisela,
Lapho ngiyakunyathela;
Ngimlandela yena nje.
Refrain
4. ngakho sengbek' isandla
Esandleni 'kaSomandla;
Wongiyisa kul' iBandla
Elisezulwini le.
Refrain.