1 Sibuthene namhla, Baba,
Ukuvula indlu yakho;
Siyabonga, siyethaba
Nxa sisebusweni bakho.
Wena onamandla onke,
Ungumthomb' womusa
wonke.
Mawusibusise sonke,
Silalele izwi lakho.
2 Jesu, Nkosi, siyacela,
Yiba nathi lapha njalo;
Ngoba wena wasifela,
Lokho kuphelis' uvalo.
Siqinise othandweni,
Sivuthise emoyeni
Ngezwi lakho embhalweni,
Mawusilungise njalo.
3 Nkosi, onguMoy' oNgcwele,
Wena onguMsizi wethu,
Siza, usichasisele
Konke ukudinga kwethu.
Sibhekise eNkosini
Yon' eyasifel' emthini,
Esimela ezulwini,
Yona elithemba lethu.
4 Ledlu siyakhele yona,
Simakade, Thixo 'mkhulu,
U'ba udunyiswe khona,
Sikuqonde okwezulu.
Libusise izwi lakho,
Nazo izithunywa zakho,
Nabo bonke' abantu bakho,
Ngobusiso olukhulu!