1 UJESU uyinsika yebandla lakhe,
Liyisidalw' esisha,ngamanzi
nezwi;
Wehla ukulifuna libe-ngelakhe,
Ngegazi walihlenga ngokufa
kwakhe.
2 ElikaKrist' ibandla ezweni
lonke,
Libheke usindiso 'Nkosini yalo,
Igama liny' elihle lithemba kulo,
Liyadl' ukudla kunye, inyama
yayo.
3 Nokuba lihlupheka, linenka-
thazo,
Nokhoke abangcwele babheke
njalo,
Balindel 'isikhathi esihle leso
Lapho izinyembezi zovez' uthabo.
4 Phakathi kwezinsizi nokuzi-
ngelwa,
Ibandla lilindela inhlalakahle
Kufike isikhathi sokubusiswa
Linqobile lingen' ekuphumuleni.
5 Noma lisemhlabeni, ukhona
Nkosi,
Nabadlulel' ekhaya bakanye nalo;
O,sebeyathokoza! Usiphe nathi
Njengabo sibe-ngcwele sikanye
nawe.