1. Ujesu ungumhlobo wam'
Kukade wangithanda;
Ngothando wangidonsa nam',
Nangalo wangilanda.
Ungibophile ngalo, ngqi.
Sengiyathanda name,
Nginamathela, kuthi ngci,
UnguMvikeli wami.
2. Ujesu ungumhlobo wam'
Ophiw' amandla onke;
Ulonda inhliziyo yam
Ezingozini zonke.
Ungithembis' umqhele, ha.
Uyangithand' impela.
Sengathi ngingamkhonza la,
Ngokuba wangifela.
3. Ujesu ungumhlobo wam',
Umnene unomusa.
Umholi endleleni yam'
Nxa ngiwa, ungivusa.
Sekuzokhuhlwa khona la.
Mathunzi asemade,
Ngingahlukana naye, qha!
Nginaye naphakade.