Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (13 rating, 4 votes)
Loading...

Siqonda ekhaya

1. Siqonda ekhaya, nithini na?
Masingathiyeki ngalutho la!
Nxa sikholwa lapha, sobona le,
Sohlala noJesu, kukuhle hle.

Refrain

Yebo, bakithi, sombonga, he,
Loduma izulu linkeneze, nke!
uJes' ufanel' ubukhosi nje,
ehe, wodunyiswa phezulu le.

2. Bodade nabafo, kunjani na?
Uma nikhathazwa, hubani la;
Khon' im'thwalo le yobalula nje,
Nobamba kalula indela-ke.

Refrain

3. Bhekani kuJes' onguMholi-ke,
Nophiwa amandla nguyena, he.
uJesu unathi ngoMoya la,
Kepha-ke ngale sizombona, he.

Refrain

S

Siqonda ekhaya