Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

SIBHEKA EZULWINI

1 Ngihlanganisa izandla zam'
Ngibheka ngasezulwini,
KuThixo,'Mdali,iNkosi yam',
Okhona ebukhosini.

2 Kumnandi ukukubonga la,
Nomoya wami uvuma,
Ngiyazi uyakuqonda dwa,
Uyezwa nxa sikhuluma.

3 Ngiyisithombo 'sincane mci,
Ositshalil'emhlabeni;
Ngilondoloze ngomusa,swi,
Ngikhule ekulungeni.

4 Ngakho-ke,Baba,ngiphethe-ke
Ngesandla sakho somusa,
Ngilungiselwe izulu le,
Lapho kukhon'ukubusa.

SIBHEKA EZULWINI