1 Ubusuku budlulile,
Kwasa enhliz'weni yami,
Amathunzi aphelile,
Kwasa enhliz'weni yami.
Sekusile,sekusile,
Sekusile enhliz'weni yami.
UJes'ungakukhanya kwami,
Sekusile enhliz'weni.
2 Wazisul'izinyembezi,
Kwasa enhliz'weni yami,
UMsindisi ulikhwezi
Kwasa enhliz'weni yami.
3 Kade ngangiyisigqila,
Kwesa enhliz'weni yami,
Ngakhulwa,sengiphila,
Kwasa enhliz'weni yami.
4 Nxa ngiyenz'intando yakhe,
Kuse enhliz'weni yami;
Kawusind'umyalo wakhe,
Kwasa enhlizweni yami.
5Wena osanobumnyama,
Woza naw'ekukhanyeni,
Uzophiwa ukwenama
Nokujhanya enhliz'weni.
Kuzokhanya,kuzokhanya,
Kuzokhanya enhliz'weni yakho.
Vum'izono,vul'umnyango!
Kuzokhanya enhlizweni.