1 Nkosi,funza wena ubusise
Nank'umhlambi omncinyane wakho.
Usinik'imana,uqinise
Inhliziyo othandweni lwakho.
2 Ulambile,sewomil'umhlambi,
Wena wedwa uyasanelisa.
Usithele ngaso isihlambi
Som'sa wakho,kuyasidelisa.
3 Singephile ngas'isinkwa sodwa
Kepha ngaw'amazwi akho,Baba.
Siqiniswa ngawo khona kodwa,
Singabamb'indlela ngoKwethaba.
4 Yiba khona ekuhlephuleni
Lesisinkwa sakho,Nkosi yethu'
Futhi sidle naw'esithebeni,
Ngomhla sibuthen'ekhaya lethu.