Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Ngokuhlwa, Lishonile Lapho

1 NGOKUHLWA,lishonile lapho
Waphahlw'abagulayo,Nkosi,
Beyilayila izinhlungu,
Kepha bahamba bethokoza.

2 Kunjalo manje sekuhlwile,
Sesiza kuwe sisindiwe,
Noma ngamehlo ungebonwe
Nokho sikwaz' ukhona kithi.

3 O Jesu, xosh' amanqe kithi
Awokugula nokujabha,
Nabanye bapholil' uthando,
Abanye abakakuthandi,

4 Msindisi,Kristu,ungumuntu
Owavivinywa wahlupheka,
Amehlo anomusa akho
Angefihlew' inxeba lethu.

5 Usanamatha njengendulo,
Kaphel' amandla ezwi lakho,
Usizwe, Nkosi, kulokuhlwa,
Ngas' isihawu siphilise.

Ngokuhlwa, Lishonile Lapho