1nginekhaya laphaya,
Nginotil' impela;
Bheka lona lihle hle,
Se Ngiyalophela.
Laphongiyo bon' iNkos',
Ngake kanye nayo;
Naphakade laphaya
Ngo philiswa ngayo.
2nginelizwe laphaya,
Eli nokuthula;
Bonk' abakhe lapho nje,
Ba nokujabula.
Kade be hlupheka la,
Be ya osizini,
Manje bagcwaliswe swi
Lapho ezulwini.
3 Bonk' aba ya laphaya
Ba delel' ukwona;
Konk' okubi pansi la,
kuvalelwe khona.
Ngihlomel' ikhaya lam',
Nokukanya kwalo,
Ngokusizw' iNkosi yam'
Ngiqubeka njalo.
4 Yiba nami, Nkosi yam',
Ungikanyisele;
Bheka kimi, Msizi wam',
Maungisingele.
Ngise sengozini la,
Maungiqinise.
Naphakade laphaya
Mangikudumise.