Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

MAYIBONGWE IMVANA

UTHISHA:
1 Niyamthand'uJesu yini?
He,bantwana,senithini?
Nizokuya ezulwini
Ukumbon'uJesu na?
ABANTWANA:
Yebo,siyamthand'uJesu,
Wasifel'emthin'uJesu;
UnguMhlobo weth'uJesu,
Uyasihlalela le.

KANYEKANYE:
Mayibongwe yon'iMvana,
Mayibongwe yon'iMvana,
Mayibongwe yon'iMvana,
Yon'eyasihlenga,he!

UTHISHA:
2 Wayevum'ukusifela,
Manje usihlengezela,
Yebo,yena uyindlela
Esiyis'ekhaya le.

ABANTWANA:
Yebo,unguMholi wethu,
Uqondis'inyawo zethu.
Sizobon'ikhaya lethu,
Ngobubele bakhe,he!

UTHISHA:
3 Masizam'ukumdumisa
Yena owasisindisa,
Sisizane 'kubabiza,
Abaningi beze,he!

ABANTWANA:
Yebo,sizohlabelela
NgoMsindis'owasifela.
SIthi,sizomfakazela
Simdumis'uJesu,he!

MAYIBONGWE IMVANA