Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (15 rating, 3 votes)
Loading...

Mangibe-njengoJesu

1 MANGIBE-NJENGOJESU,
Wayengothobileyo;
Kuhle ngibe-njengaye,
Wayengothobileyo.

2 Mangibe-njengoJesu
Ngamazwi onke ami,
Ngibeke kahle kuye,
Lithambe izwi lami.

3 Mangibe-njengoJesu;
Ehlushwa edelelwa
Kaziphindiselanga,
Qha, wabathandazela.

4 Mangibe-njengoJesu
Kaningi ethandaza
Eyedwa entabeni,
UYise wayemuzwa.

5 Mangibe-njengoJesu
Ngemisebenzi yami,
Ngimbheke, ngimlandele,
Ekuhambeni kwami.

6 Anginjengawe, Jesu;
Ngozama nokho ngawe,
Ngimele , ungisize
Ngize ngifane nawe.

Mangibe-njengoJesu