Iculo Le 333
1 Lapho ezulwini
L' ikhaya lam'.
Kona eNkosini
L' ikhaya lam'.
Lapo ngo phumula,
Njalo ngo jabula,
Manje ngi khumbula
Ikhaya lam'.
2 A i ko inkani
Ekhaya lam'.
Izwe a li fani
Nekhaya lam'.
Si sebumnyameni
Lapa emhlabeni,
Ba sekukanyeni
Ekhaya lam
3 UMsindis' u kona
Ekhaya lam'.
Lapo ngi zo m bona
Ekhaya lam'.
U 'kukanya kwalo,
U li londa njalo,
Ka lu ngen' uvalo
Ekhaya lam'.
4 Ngi ya li nxanela
Ikhaya lam'.
Ngi ya sondezela
Ekhaya lam'.
Nkosi, masinyane
Ma u ngi fumane,
Tin' a si hlangane
Ekhaya lam