1 Lalelani,nant'ilizwi
Izwi loMsindisi wethu:
\Bheka,ngiza masinyane,
Ngiza nokuvuza kwami\.
2 Izelan'iKosi yethu?
Iza ukwam'kel'abayo,
Babenayo laph'ikhona,
Babon'ubukhosi bayo.
3 Bayomiswa phambi kwayo,
Bazilande bonke kuyo
Ngawo onk'amazwi abo,
Babon'ubukhosi bayo futhi.
4 Obehamba ngenhliziyo
Ephele eNkosini,
Om'sebenzi wakhe umi,
Uyobongw'iNkosi'avuzwe.
5 Keph'obengahambi kahle,
Engahlali eNkosini,
Uyobongw'iNkos'avuzwe.
Ahlupheke njalonjalo.
6 Nkosi,siza ngom'sa wakho.
Sikubheke,sithandaze,
Sihambis'okwakho njalo,
Sikubone ngokwethaba.