1 JESU, Mukhululi, ngingowakho
wedwa,
Ngiyaziikela kuwe, Jesu;
Angianto manje, Nkosi
ethandwayo,
Konke okukimi kungokwakho.
Jesu, Nkosi yami,manje
ngingowakho,
Nawe,othandwayo , ungowami.
2 Kade ngangeduka,
wagihawukela,
Waze wangifela ngasindiswa;
Sengisendleleni engiyis' ekhaya,
Ngiyakhwezwa nguwe, OMsindisi.
3 Mawuhlale nami, ngivikele njalo,
Ngiyabheka kuwe, wena , Nkosi;
Uma wen' ukhona ngothokoza
njalo,
Ngoba wena ungamandla ami.
4 Selumnandi kimi loluthando
lwakho,
Wena unqabile ngobubele,
Angibon' omunye olingana nawe,
Enhliz'yweni yami busa, Nkosi.