Tune: Kakh' umhlob' onjengoJesu
1 Emthimbeni waseKhana
Bemmemil' uJesu futhi
Kanye nabafundi bakhe
Nang' unin' ebik' ukuthi:
\Nant' iwayini liphelile!\
Yebo, kuyaphel' okwethu;
Ngakho sikumema, Jesu,
Ube-yinjabulo yethu.
2 Sibuthene lapha namhla,
Abomthimba nabayeni.
Nang' umyeni nomakoti,
Babusis' emphefum'lweni.
Ubanik' uthando lwakho,
Ngob'olwabo luyaphela,
Bangehlalisane kahle,
Njengomyalo ubatshela.
3 Ubuhlanganise, Nkosi,
Ubenze babe-nyamanye,
Bathandane, basizane
Kukho konke kanye kanye.
Khona-ke ikhaya labo
Lob' inqaba yokuthula,
Libiyelwe ngal' uthando,
Lapho bayakuphumula.