Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (3 rating, 1 votes)
Loading...

BIKA KUJESU

1Nxa usukhathele ekulweni,
Bika kuJesu,bika kuJesu,
Nom'udabukile enhliz'weni
Bika konke kuJesu.

Bika kuJesu,bika kuJesu,
Yen;onamandla onke!
Kakh' onothando olungango-
lwakhe,
Bika konke kuJesu.

2 Mhla ukhala ngobuhlungu bakho,
Bika kuJesu,bika kuJesu.
Nom' udabukel' izono zakho.
Bika konke kuJesu.

3 Laph'amafu asithez'ilanga,
Bika kuJesu,bika kuJesu,
Noma sebekuqambel'amanga,
Bika konke kuJesu.

4Nxa usab' ukufa nal' ithuna,
Bika kuJesu,bika kuJesu.
Nom'uzimba wakho usubuna
Bika konke kuJesu.

BIKA KUJESU