Menu Close

Bheka Mphefumulo Wami

Ratings:
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

1 BHEKA,mphefumulo wami,
Nang' uMprist' omkhulu!
Ekumela endaweni
Eyingcwele-ngcwele.
Nanka amacons' egazi
Afafazwe nguye,
Aligaz'elihle lelo
Lokuhlawulela.

2 Yek' ubuhle bukaKristu
OnguMprist' omkhulu!
Owambethe ubungcwele
Njengengubo enhle.
Bheka law' amatsh' amahle
Aqoshiwe kuwo
Amagama onke abo
Abamelwa nguye.

3 Yizwa,mphefumlo wami,
Nans' imphepho enhle!
iliphunga elimnandi
Lokukunxusela.
Bheka lowoMprist' omkhulu
Encengela wena.
Yisho,kungezeka yini
Uba ulahleke?

4 Sula i' nyembezi zakho
Mphefumulo wami;
Yima isibindi ngaye
OnguMprist' omkhulu:
Noma nxa lidlul' izulu
Ufe naw' umhlaba,
Akasoze alahleka
Yen' eomelwa nguye.

Bheka Mphefumulo Wami