1 Bhekani nibone amandl'oMsindisi
Abonakaliswa ngoSawul',umFarisi
Owayezingela ehluph'amakho
Esesendleleni,ngonyazi wafolwa.
Simhalalisela uJes'unamadla,
Sengath'anganqob'abaningi
nanamhla.
2 USawul'esebuz': \Ungubani-ke,Nkosi!\
Waselizw'ilizwi kungathi udosi:
\Nginguye uJesu waseNazaretha;
Sukum'ulalele,ngoma ngakukhetha.\
3 Waholwa ngesandla,engena emzini,
'Zinsuku zintathu wanxus'eNkosini.
Phezulu kwathiwa: \Nang uya khuleka.
Iqhawe lokulwa,nanto,lanqobe ka.
4 USawul'waphenduka ikholwa impela,
Ehamba noJesu lapho emholela;
Waqala masinya ukufakazela;
Umusa kaJesu,owamhawukela.